top of page

UBABA AKELELE

Ngahlangana nomfo' kasibiya izolo
Wathi "We-Jonathan, angiphathekile kahle mina
Ngiphupha ubaba ongasekho ekhomba inkomo yakhe
Ngikhumbula engitshela ethi "wemfana wami
Uma ngihamba kulomhlaba wemfana wami
Musa ukungifihla ngebokisi


Wemfana wami
(my boy)
Awungebesa ngesikhumba senkomo emhlophe, wemfana wami
Awungihambisa ngenkomo emhlophe
Inkomo, inkomo kababa, wo-ye-ye-ye!

Chorus
Akalele ubaba ekhaya
Akafuni ibokisi, ufuna inkomo
Akalele ubaba ekhaya

Washo mfokasibiya wathi "Jonathan lalela lana
Ngokushona kababa kwenzeka isimanga
Abantu bomndeni babethi bayamdumisa
Bamfihla ngebokisi engalifuni

Saxabana thina sodwa bomndeni
Saxabana ngoba ngathi mina bayasithela ngebadi
Benkunzima ngelelolanga sifihla ubaba
Benkunzima ngelelolanga

Chorus


Ubaba akalele ekhaya, ugudla isibaya
Ibokisi lakhe selimbophile
Ufuna isikhumba senkomo yakhe

  • YouTube Clean

© 2014 Rhythm Safari Pty Ltd

bottom of page